Zigqunywe esitokisini izitshudeni ezisolwa ngokubulala esinye

2017-05-25 14:01

Johannesburg - Ziphinde zabuyiselwa esitokisini ngesikhathi zivele enkantolo izolo izitshudeni ezinhlanu ezisolwa ngokubulala isitshudeni saseWalter Sisulu University ebesenza izifundo zobudokotela uLwando Mantshontsho, 27.

Lezi zitshudeni zizobuyela eNkantolo yeMantshi yaseMthatha kusasa (ngoLwesihlanu) ziyofaka izicelo zebheyili.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izitshudeni ezingu-12 e-UJ ophikweni oluseSoweto

Abasolwa ngoSindile Kango, 21, owenza unyaka wokuqala ezifundweni ze-economics, uYamkhela Mxokozeli, 23, owenza unyaka wesithathu ezifundweni zobudokotela, uSiphesihle Mafungwa, 21, owenza unyaka wesithathu ezifundweni zobudokotela, uPhilani Danca, 23, owenza unyaka wesithathu ezifundweni zobuthishela noLwakhe Matakane, 20, owenza unyaka wokuqala ezifundweni zobudokotela.

 - DispatchLive

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...