Zicishe zaduna imoto yeSilo izigebengu eShowe

2016-10-27 09:02

eShowe - Kudala kukhalwa ngezigebengu ezisebenzela eJozini, Manguzi, Ingwavuma, Ndumo nakwaMhlabuyalingana.

Lezi zigebengu besezicuphe ukuduna imoto yasebukhosini ebiyothenga impahla yeSilo edolobheni laseThekwini.

Izigebengu zizame ukubamba le moto eShowe, bavulela ngenhlamvu kumshayeli kodwa ngenhlanhla umshayeli ukwazile ukubaleka.

ISilo sanxusa amaphoyisa ngesonto eledlule ukuthi baqinis umthetho ngoba kuyanda ukudunwa kwezimoto enyakatho nesifundazwe sakwaZulu-Natal.

Funda:Kubanjwe imishini esebenza ukujamisa izimoto

"Enyakatho yakwaZulu, kwebiwa ngisho nama-ambulensi athwele iziguli, ngisho nezimoto zikahulumeni imbala.

"Abantu bakhonjwa ngezibhamu kuthiwa balande izimoto zabo eziteshini zamaphoyisa lapho abazigcina khona ngemizamo yokuthi zeiphephe,"kusho iSilo.

Kukhona okungaqondile ngezokuphepha kule ndawo. Ngeke sikwazi ukuphila kanjena, akulona izwe leli uma kungukuthi izigebengu zizenzela umathanda,

Kuthiwa izimoto zilinganiselwa ku-48 izimoto ezebiwe endaweni yaseManguzi phakathi kukaNtulikazi noMfumfu.

Izimoto ezingu-16 kulezi zitholakale ezweni laseMozambique, kubika Timelives.

Ngenyanga edlule kuthunjwe abantu abayisithupha okubalwa kubo nezingane ezimbili kwizigameko zokudunwa kwezimoto.


- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...