Zibanjiwe iziboshwa ezintathu kwezingu-7 ebezeqile eLimpopo

2018-02-03 11:02

Johannesburg - Amaphoyisa aseqinisekise ukuthi aphinde abopha iziboshwa ezintathu kweziyisikhombisa ezeqe esiteshini samaphoyisa esiseLebowakgomo, eLimpopo.

Kukholakala ukuthi lezi ziboshwa, abaziboshelwe amacala ehlukene okubalwa ukubulala, ukudlwengula nokuphanga kuhlonyiwe, zeqe ezintatha ngoLwesithathu ngemuva kokusika uphahla lwesitokisi.

Amaphoyisa athi alandele umkhondo, akwazi ukubuyisela ngaphakathi iziboshwa ezintathu. Lezi ezinye zisagcwele amathafa.

Okhulumela amaphoyisa uMoatshe Ngoepe unxuse umphakathi ukuba ungazami ukuzibambela lezi ziboshwa kepha uxhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduzane.

Kuthiwa lokhu kungenxa yokuthi lezi ziboshwa zithathwa njengeziyingozi.

"Luyaqhubeka uphenyo lokuthungatha lezi ezinye iziboshwa ezine," esho.


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...