Zeqile iziboshwa ezihlule ujele ngamandla

2017-05-25 07:01

Johannesburg - Kweqe iziboshwa ezimbili eNkantolo yeMantshi yaseZwelitsha eKing William's Town e-Eastern Cape ngemuva kokuhlula ngamandla ujele, zebna isibhamu nemoto yakhe.

Isigameko senzeke ngezithuba zabo-14:00 ngoLwesithathu ngesikhathi amadoda amabili, eyodwa eboshelwe ukudlwengula kanti enye iboshelwe ukuphanga, abephuma ejele laseMiddledrift eyobhekana namanye amacala enkantolo.

Isikhulumi uVuyo Gadu uthe ngemuva kokuba la madoda evele enkantolo abehanjiswa emotweni ngesikhathi ehlula ngamandla lo jele, amphuca isibhamu nemoto yomsebenzi.

OLUNYE UDABA: Kweqe iziboshwa ‘eziyingozi kakhulu’

Ngezithuba zabo-15:00 amaphoyisa esifundazweni abesebikelwe ngesigameko.

"Okwamanje akucaci ukuthi kwenzekeni kodwa kuyaphenywa," kusho uGadu.

UGadu uthe abasolwa baneminyaka engu-30 nengu-35 ubudala kanti amagama abo abengakadalulwa.

Amaphoyisa nojele bebesabathungatha absolwa nangoLwesithathu ntambama.

 - TimesLive/HeraldLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                    

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...