Yonke imidlalo ye-MTN8 eyandulela owamanqamu

2017-08-15 19:29

Durban - Abe-Premier Soccer League sebememezele imidalo elandelayo yomncintiswano we-MTN8 kanye nezinkundla okuzodlalelwa kuzo.

Lona ngumlenze wokuqala wemidlalo eyandulela owamanqamu lapho iqembu ngalinye lizothola ithuba lokudlalela ekhaya.

Le midlalo izodlalwa ngempelasonto yangomhlaka-26 no-27 Agasti bese kuthi elandelayo idlalwe ngomhlaka-9 no-10 Septhemba.

Umdlalo wokuqala ozoba ngoMgqibelo emini kanti amathikithi aqala ku-R40 kubantu abadala, kube ngu-R15 izingane ezineminyaka engaphansi kuka-12 ubudala.

OLUNYE UDABA:Ishaywe ngoswazi oluncane iKaizer Chiefs eThekwini

NgoMgqibelo, 26 Agasti 2017   

SUPERSPORT UNITED vs  MARITZBURG UNITED  enkundleni iLucas Moripe ngo-20:15

NgeSonto 27 Agasti 2017   

CAPE TOWN CITY vs  BIDVEST WITS  enkundleni yaseKapa ngo-15:30. Amathikithi alo mdlalo angu-R60 umuntu omdala no-R15 ingane engaphansi kweminyaka engu-12 ubudala.
     
Umlenze wesibili wemidlalo eyandulela owamanqamu umi kanje:

NgoMgqibelo mhlaka 9 Septhemba  2017

MARITZBURG UNITED  vs  SUPERSPORT UNITED enkundleni iHarry Gwala ngo-20:15 

NgeSonto mhlaka 10 Septhemba 2017      

BIDVEST WITS vs  CAPE TOWN CITY  enkundleni iBidvest ngo-15:00 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...