Yizigidigidi zabafundi okulindekele ziye ezikole namuhla

2017-01-11 07:35

Cape Town – Yizigidigidi zabafundi okulindeleke ziye ezikoleni ngoLwesithathu njengoba kulindeleke kuqale ukufunda konyaka ka-2017.

Ngaphezu kwalokhu, zintathu izikole ezintsha, angu-179 amagumbi amasha okufundela, futhi angu-119 angomahamba nendlwane.

UNdunankulu wezeMfundo eWestern Cape uDebbie Schafer uthe esitatimendeni iningi lezinhlelo zonyaka omusha ziphothulwe ngaphambi kokuphela konyaka ka-2016.

OLUNYE UDABA: Usagcwele amathafa oklabhe intombi ngobhushu

Izikhulu bezisebenza ngokuzikhandla ukusiza abaphuzile ukubhalisa kanye nabafundi ebebengakazitholi izikhala, usho kanje.

EGauteng, babalelwa kwabangu-58 000 ebebengakazitholi izikhala zokufunda ngoMsombuluko.

UMnyango uthe uthole izicelo eziningi kakhulu zabafundi abaphuze ukubhalisa abafuna izikhala zokufunda, nakuba uhlelo lokubhalisa laqala ngo-Ephreli ngonyaka odlule, kusho u-Oupa Bodibe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...