Yihlazo lodwa leli elenziwe wuMholi wophiko lwentsha kuKhongolose

2018-04-13 14:00

eThekwini - Isimo sishubile ngaphakathi kwi-ANCYL kuleli emuva kwenkulumo kaMengameli walolu phiko uMnu Collen Maine lapho ethuse abaningi ngesikhathi egeqa amagula ukuthi wahlanganiswa nabomndeni wamaGupta nguNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo.

Le nkulumo isihlakaze phakathi uphiko lwentsha kuleli njengoba iningi selimemezele ukuthi uMnu Maine achaze ukuthi obani abanye be-ANCYL  abahlanganiswa  nalo mndeni wamaGupta nokuthi emuva kwalokho asule esikhundleni sokuba uMengameli wophiko ngoba usebenzise igama lenhlangano ehlomula izimali eziya kuyena, wadicilela phansi nesithunzi  sayo.

Izindaba neNews 24 zingakudalula zingananazi ukuthi izifundazwe eziningi sezimemezele ukuthi uma engasuki esikhundleni uMnu Maine zizomemezela ukuthi kube nengqungquthela ephuthumayo ngenhloso yokukhetha ubuholi obusha.

Kulindeleke ukuthi isigungu esiphezulu se-ANCYL sihlangane eLuthuli House namuhla kudingidwe loludaba njengoba zikhona nezinye izinsolo ekulindele ukuthi abuzwe ngazo uMnu Maine zezimali ekubikwa ukuthi wazithatha ezikhulwini zakwa-Eskom nakwezinye izinkampani.

“Sazi kahle ukuthi uMnu Maine ugaqele esokuba uNgqongqoshe njengoba waba ngowokuqala ukuyoxolisa kuMengameli uCyril Ramaphosa ngokweselekela uNkosazana Dlamini Zuma engqungqutheleni ye-ANC ebiseNasrec” kusho umthombo.

OLUNYE UDABA: Umholi we-ANCYL udalule owamhlanganisa nabakwaGupta

Uhambisa uthi nalapho wafika waqamba amanga ngabo wathi isinqumo sokuxolisa kuMengameli sithathwe yi-ANCYL. “Yena nje sifuna asichazele ukuthi yimalini ayithatha kumaGupta, abe eseyasishiya ngokuthula enhlanganweni ngoba kusobala ne-ANC ngeke ibe samethemba ngoba uyiphixiphixi.

Siyakwazi nokuthi uMnu Maine waba ngowokuqala kwi-ANCYL owasishintshela ngokuthi kukhishwe uMengameli uJacob Zuma” kusho umthombo.

UMnu Maine akatholakalanga ocingweni lwakhe njengoba luvaliwe. Kulokhu usehlakazwe nayiphini likaNobhala Jikelele we-ANCYL uThandi Moraka naye osememezele ukuthi esule esikhundleni. Kanti ke ne-ANCWL isimbize ngomdayisi uMnu Maine.

Ekhuluma neNews24 uNobhala Jikelele we-ANCYL uMnu Njabulo Nzuza oveze ukuthi usabambeke emhlanganweni unxenxe iNews 24 ukuthi ikhulume naye uMnu Maine wathi “lokho izinto abezukhulumela yena siqu sakhe ezingahlangene nezinhlaka ne-ANCYL”. Akathandanga ukuphawula ukuthi uzothathelwa izinyathelo yini uMnu Maine. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...