Yavuka indoda emnyama, zadla ezikaMagebhula

2017-08-20 09:07

Durban -  Umqeqeshi we-Olrlando Pirates uMilutin 'Micho' Sredojevi ulincome kakhulu iqembu lakhe ngomdlalo omuhle beshaya i-Chippa United.

AmaBhakabhaka ayivule kahle isizini ngamashidi amhlophe qwa ngemuva kokubhaxabula iChippa United ngo-1 - 0 ngoMgqibelo.

Lo mqeqeshi ube nengxoxo nabe-SuperSport TV, ngemuva komdlalo lapho ancome khona ukuzimisela kuka-Innocent Maela ngomdlalo wakhe wokuqala.

"Bekungumdlalo onzimwa wona, kubonakala ukuthi asikabi nakho ukuzethemba siyithimba futhi nabadlali ngokunjalo. Sifike kulo mdlalo ngenhloso yokuthi siwine futhi sibuyise ugqozi,"kusho u Micho.

Uthi yize ejabulile ngendlela abafana bakhe abadlale ngayo, kuningi akubonile okumele kulungiswe.

OLUNYE UDABA:IPirates isimemezele umqeqeshi omusha

Phela, yize ezikaMagebhula zidlale kahle futhi zibonakale ngemizuzu yokuqala ukuthi yizona ezihola umdlalo ngemizamo kaMpho Makola ngomzuzu wesikhombisa.

Womabili lamaqembu abenamaphutha amaningi ngebhola.

IChippa yona ayiwuqalanga kahle neze umdlalo ichitha imizuzu engu-20 youqala ijaha ibhola isazama.

Uke wazama no-Sekola ethatha ibhola likaThamsanqa Sangweni, kodwa wala uWayne Sandilands.

Kuleso sidididi, uThamsanqa Gabuza uhlukanise abafana namadoda ngenqaku lomzuzu 36 ngebhola elihle aliphakelwe wu-Innocent Maela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 19-28°C High level clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...