Yabulawa indodana yami - Umama kaSfiso Ncwane

2017-02-16 19:34

Durban - Uthukuthele ugane unwabu umama womculi wowokholo ongasekho emhlabeni, uSifiso Ncwane, uFikile Ncwane, njengoba ekholwa wukuthi indodana yakhe ayigulanga.

"Ngifuna ukwazi ukuthi yini nokuthi ngubani owabulala ingane yami ngoba kuyacaca ukuthi yabulawa," kusho umama kaSifiso ecasukile.

"Angeke ngize ngiphumule ngingakazi ukuthi yathathwa yini indodana yami emhlabeni. Unkosikazi wakhe, u-Ayanda, watshela odokotela ukuthi bangasitshengisi imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.

OLUNYE UDABA:Angimdingi unina ka-Ayanda emagcekeni akwami - OkaNcwane

"Umuntu onjani ongenza into efana naleyo? Ngingumama womyeni wakhe. Ngikholwa wukuthi nginelungelo lokwazi ukuthi indodana yami yabulawa yini."

Ekhihla isililo, udalule ukwenza ngosuku lomngcwabo kaSifiso olwalungomhlaka-10 Disemba:"Ngakhuluma noSifiso esethule ebhokisini lomngcwabo, ngosuku ayefihlwa ngalo, ngamtshela ukuthi kufanele abuye azolanda lo muntu ombulele."

Umama kaSifiso uthe ukudlula kwendodana yakhe emhlabeni kwamhlukumeza kakhulu futhi usegqigqe izinyanga ezama ukuthola iqiniso.

Ngokuthola kwephephabhuku iDrum, umama kaSifiso uchithe imibiko yokuthi uhlushwa umoya kaSifiso, wathi indodana yakhe yafika ngephupho kumalume wayo, uNgcobo, nakumyeni kadadewabo, uGumede, yabatshela ukuthi umoya wayo usasesibhedlela lapho yashonela khona futhi ifuna ukubuya ize ekhaya.

Umama walo mculi ube esethi baphezu kwamalungiselelo okuthatha uhambo olubheke eGoli esibhedlela athulela kuso.

Lo mculi weGospel washona ngomhlaka-5 Disemba ngo-2016 esibhedlea iFourways Life kulandela ukuxinwa wukugula ephethwe yizinso.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...