Wethula ubufakazi enkantolo osolwa ngokuqotha umndeni ngembazo

2017-10-31 13:07

Cape Town - Lowo osolwa ngokubulala amalungu omndeni wakhe amathathu, uHenri van Breda, ugibele ebhokisini lofakazi walandisa iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.

Ummeli wakhe u-Advocate Pieter Botha utshele iJaji uSiraj Desai ngoMsombuluko ukuthi ikhasimende lakhe linenkinga yokungingiza futhi alikwazi ukukhuluma kahle uma lingaphansi kwengcindezi, ngakho ucela ubufakazi balo bungasakazwa.

NgoLwesibili ekuseni uDesai uvumile ukuba ubufakazi bukaVan Breda busakazwe bukhoma.

Ekhuluma enkantolo ngoLwesibili uVan Breda ulandise ngokwenzeka ngobusuku okwabulawa ngabo umndeni wakhe. Umile kwelokuthi umndeni wahlaselwa ngabantu abangena ngomnyango wangasemuva.

OLUNYE UDABA: Liyaqhubeka elosolwa ngokubulala umndeni wakhe ngembazo

Uchaze ukuthi walwisana kanjani nomhlaseli wagcina ekwazile ukumphuca imbazo ahlahlela ngayo umndeni, wabe esegadla kuye umsolwa wagcina esebaleka.

"Ngangisaba, ngithukile ngingacabangi nakahle. Angeke ngikwazi ukuchaza kahle ukuthi kwakuqhubekani emqondweni wami ngaleso sikhathi.

"Into yokuqala engayenza ngashayela lowo owayeyintombi yami ucingo kanye nabezimo eziphuthumayo, angizange nokho ngibathinte omakhelwane," elandisa inkantolo.

UVan Breda uchaze umndeni wakhe njengowawusondelene kakhulu, uthandana futhi ukuthokozela ukwenza izinto undawonye. Uthi sasingekho nesincane isizathu sokuthi abulale abazali bakhe nomfowabo.

Kulesi sigameko kwasinda udadewabo kaVan Breda, uMarli. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-29 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...