Wayecele i-lift owabulala uthishanhloko waseShowe

2017-01-10 19:31

 - UBusisiswe Nzuza wadutshulwa washone ngemuva kokuthi agibelise umsolwa emotweni yakhe.

Ngokusho kukaThembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa, umsolwa wabulala uNzuza ngesikhathi ezama ukuthatha imoto yakhe.

OLUNYE UDABA:Uhluleke ukucacisela inkantolo ukuthi umufi wazibulala kanjani

“Umufi, 44, wagibelisa umsolwa emotweni esuka eMpangeni elibangise eShowe, kubika iNewswatch.

"Endleleni umsolwa wakhipha isibhamu efuna ukuthatha imoto ngenkani,”kusho uMbhele.

Amaphoyisa athi uphenyo lusaqhubeka kanti umsolwa uzogqunywa ezitokisini aze avele enkantolo.

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...