'Wavuma' ukuthi wabulala intombi ngoba efuna ibhizinisi lihambe kahle

2017-06-24 10:30

Johannesburg – I-NPA ithi uSandile Mantsoe wavuma ephoyiseni, waze washo nesizathi esamenza wabulala lowo owayeyintombi yakhe, uKarabo Mokoena.

UMbuso uthi uMantsoe wathi wabulala uKarabo, ngoba efuna ibhizinisi lakhe limhambele kahle.

UMantsoe uvele eNkantolo yeMantshi eGoli ngoLwesihlanu.

Kwi-video yango-Agasti 20, 2016 enkundleni yezokuxhumana, umsolwa ubonakala ethi “sengibonile ukuthi akubona bonke abantu abenza imali ezimakethe. Abantu balahlekelwa yimali eningi kakhulu.”

I-NPA ithi uMantsoe wathi yena nomufi bahlanganisa igazi labo, benza isivumelwano segazi nokuyilona elenza wabanamabhadi ngesikhathi sebehlukene.

OLUNYE UDABA: Inqatshelwe ibheyili indoda esolwa ngamacala okudlwengula izingane

Kuthiwa watshela iphoyisa ukuthi kwakumele achithe igazi likamufi ukuze kugqabuke isivumelwano.

UMantsoe uyakuphika kodwa ukuthi watshela iphoyisa ukuthi uyena owabulala umufi, uthi uKarabo wayenesikhwele, emhlukumeza futhi wayengumuntu ongazibulala.

Uthi wamthola efile efulethini lakhe, futhi akazi ukuthi wafa kanjani.

Uthi wesaba ngesikhathi ebona isidumbu, kanti kunokuba ayofuna usizo, wasithatha wayosishisa ngoba umufi wayetshele abangani nomndeni wakhe ukuthi uyamhlukumeza.

Abashushisi bathi akucaci ukuthi ngabe umufi washiswa esaphila yini.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...