Wavuka esibhedlela umngani kaSifiso Ncwane ngokushona kwakhe

2016-12-15 18:02

Johannesburg - Wavuka esibhedlela umngani womculi wowokholo ongasekho emhlabeni, uSifiso Ncwane, uSibusiso Mabhena, ngemuva kokubukela umngcwabo wakhe kumabobnakude.

UMabhena, 31, waquleka ngesikhathi ebona ibhokisi lalo mculi selingena egodini, wabe esevuka esibhedlela esetshelwa ukuthi uhlaselwe yisifo senhliziyo.

UMabhena waseTweefontein eduzane naKwaMhlanga, eMpumalanga, namanje usasesibhedlela lapho alulamela khona.

OLUNYE UDABA: Kusenzima emndenini kaSifiso Ncwane

Uthe ngesikhathi ebona ibhokisi likamngani wakhe lehlela egodini kumabonakude, kwavele kwamcacela ukuthi ngeke aphinde ambone uNcwane.

"Ngangigcwele umunyu ngemuva kokubuya eThekwini emngcwabeni wakhe. Sengibuka umabonakude ekhaya kudlala umngcwabo wakhe kwangifikela ukuthi akasekho ngempela.

"Ngezwa inhliziyo ishaya ngamandla, kungathi isifuba sami sizobhodloka. Angazi kwenzekani ngemuva kwalokho."

Odokotela batshela uMabhena ukuthi uhlaselwe yisifo senhliziyo bathi akangacabangi kakhulu ngomngani wakhe ongasekho.

"Kuzongithatha isikhathi ukwamukela ukuthi akasekho emhlabeni umngani wami."

UMabhena waba nenkonzo yesikhumbuzo kaNcwane eWitbank ngoLwesine olwedlule, eyahanjelwa abantu ababalelwa kwabangu-7 000.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...