Waphuza ugologo oxutshwe ne-steel wool owayezama ukuhushula isisu

2017-10-26 18:06

Cape Town - Owesimame oneminyaka engu-25 ubudala, osebenza njengomqwayizi uthi useke wahushula izisu kahlanu.

Uthi okokuqala nokwesibili, wazihushula ngokwakhe izisu kanti lezi ezinye izikhawu waya esibhedlela.

Ngokubika kwephephandaba iGroundUp, lo wesimame uthi wayenamahloni okuya esibhedlela okokoqala wabona ukuthi kungcono azizamele ngeyakhe indlela.

Le ntokazi ogama layo elingadaluliwe ukuze ivikeleke, ithi yayineminyaka engu-14 ubudala ngesikhathi idlwengulwa nokuyilapho yakhulelwa khona okokuqala.

Ngaleso sikhathi, yayihlala eNgcobo e-Eastern Cape, kodwa yathutha yayohlala nomama wayo kwaLanga, eKapa, ngemuva kokuthola ukuthi ikhulelwe.

Kuthe lo wesifazane esenezinyanga ezintathu ekhulelwe, wazama ukuhushula isisu ngokuphuza ugologo oxutshwe ne-steel-wool esigayiwe.

Uthi wavele waphelelwa amandla, waquleka ngemuva kokuphuza lokhu wabe esephuthunyiswa esibhedlela iKarl Bremer Hospital.

OLUNYE UDABA:Yophe yaze yashona intombazane izama ukuhushula isisu

Ngokusho kukaWhitney Chinogwena, okhulumela abe-Marie Stopes Clinics, uthi akujwayelekile ukuthi abesimame baphuze ugologo othakwe ngale ndlela.

Yize kunjalo, uChinogwena uthi abantu besimame ababe besazicabanga izinkinga abangahle babhekane nazo uma sebezizamele ngokwabo ukuhushula izisu.

"Umxovo ofana nalona ubungaba nobungozi bokumlimaza emphinjeni, noma umsike esiswini nasemathunjini," kusho yena.

Abantu besimame abaningi abafuni ukuya emtholampilo nasezibhedlela ngoba basuke besaba amahloni abantu futhi bengafuni kwaziwe ukuthi sebake bakhulelwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...