‘Vodacom hlukanani nokusintshontshela!’ – Amakhasimende ayaveva ezinkundleni

2017-08-22 14:02

Cape Town – Athukuthele ayaveva amakhasimende akwaVodacom kulandela isigameko sangoMsombuluko ebusuku nalapho inqwaba yamakhasimende ekhale ezinkundleni zokuxhumana ngokudlelwa ama-data, nokuyinto ewashiye engasakwazi ngisho nokungena kwi-internet.

OLUNYE UDABA:UVodacom uthi uzobakhokhela abadlelwe ama-data

Okhulumela uVodacom, uByron Kennedy, utshele iFin24 ukuthi lesi sikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana siphezu kwezinhlelo zokukhokhela amakhasimende athikanyezwe yinkinga yokukhokhiswa kwamakhasimende ngokweqile ngoMsombuluko ebusuku.

Inkinga

Impendulo yabakwaVodacom:

Ngemuva kwolokho abantu bebengawuvali umlomo ezinkundleni zokuxhumana:

M M Msike MajoziSilimale kakhulu nami kumanje ngidinwe kakhulu ngale ndaba yokudlelwa ama-data.

Mandla ManganyelaUngisize ungikhokhele nange ntombi since intombi yam ingalile izolo ithi ngivele ngayiziba.

Dudu MbeleKunini asqala lamaqili akwavodacom sakhathala yiwo Bantu ai ai kubi kubi kubi lokhu kukhwabanisa abakwenzayo mnxm.

Mqapheli Scelo NkosiBengithi yimina ngedwa, ngilale ngishaqekile sengiphenduke u-free mode.

Siyabonga GrootboomBayasangana labo Bantu. Bayazi ukuthi singawuyeka loVodacom wabo ongasile.

Ayanda Ngoloza NseleMxm ngiyawafuna nje awam, angifuni free mode mina.

Wonder SenzoUVodacom umbhedo nx ngilale ngigula izolo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...