Usezinikele emaphoyiseni umfundisi osolwa ngawocansi

2017-04-20 16:02

Johannesburg  – Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha umfundisi osolwa ngokunyukubeza amalungu ebandla ngokocansi.

Ngokwesitatimende esikhishwe oKlebe, amaphoyisa akwazile ukuxhumana nalo mfundisi wawatshela ukuthi uzozinikela koKlebe edolobheni ePort Elizabeth.

Lithe lithambama elanamhlanje (ngoLwesine) lo mfundisi wabonakala efika esiteshini samaphoyisa.

Lo mfundisi odabuka kwelaseNigeria ungumholi webandla elizinze eThekwini, elinamagatsha ehlukene kulona lonke leli, washiya ikhaya lakhe eMhlanga wabheke e-PE kulandela ukuphuma kwemibiko yokuthi uthungathwa amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Amawele ama-'Idols' avikele umfundisi osolwa ngawocansi

Okhulumela uphiko loKlebe uLieutenant Colonel Robert Netshiunda utshele abephephandaba iMercury ukuthi lo mfundisi akekho sekubhaceni.

“Siyasilawula lesi simo kanti konke kuzohlala obala maduze. Asifuni ukuthi siphazamise inqubo yokusebenza ngokudalula imininingwane eminingi kwabezindaba,” kusho yena.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...