VIDEO: UMthandeni nentatheli sebekhumelane umlotha

2017-06-20 18:07

Durban - Lifike qathatha emahhovisi eLANGA ezoxolisa iGcokama Elisha (Mthandeni Manqele) emuva kwesigameko esithinta intatheli yaleli phephandaba, uMthobisi Sithole.

Phambilini leli phephandaba like labika ngezinkinga ezike zabakhona phakathi kwale ntatheli nalo mculi.

Namuhla emahhovisi eLANGA kubanjwe umhlangano phakathi kwalo mculi yile ntatheli, umhleli wayo omkhulu uThobile Nxumalo kanjalo nethimba likaMthandeni.

OLUNYE UDABA:Usobishini umculi kaMaskandi owahlasela intatheli

Kulo mhlangano izingxoxo zifinyelele esivumelelwaneni sokuba kuxolelwane, kuqalwe kabusha, badlulise okwenzeka.

UMthandeni uthe okumenze ukuba afike emahhovisi ukuthi azocela uxolo ngokwenzeka phakathi kwakhe noMthobisi KwaNongoma.

"Ngixolise nakubantu abafundi bamaphephandaba, abalandeli bakhe nabo bonke abalandeli bomculo kuzo zonke izinhlaka, nasezintathelini, ngiyaxolisa."

UMthobisi yena uthe sekudlulile, ufuna ukutshela abantu ukuthi sebethelelane amanzi nale ndoda ayazi eminyakeni eminingi eyedlule besebenza nayo.

"Ngiyajabula ukuthi ulibonile iphutha lakhe sabonisana, yonke into isihamba kahle," esho.

Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA like labika ngaphambilini ukuthi uManqele usephenduke iqaqa ngenxa yezenzo zakhe eziphambene nokulunga okubalwa kuzo nokuhlasela intatheli yaleli phephandaba uMthobisi.

Lokhu kwaholela ekutheni iGcokama lingaqashwa emcimbini iDundee July.

IVIDEO:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...