VIDEO: OwaseZimbabwe uhlaselwe efika nje kuleli

2017-03-06 14:03

Polokwane – Owesilisa waseZimbabwe ubeke impilo yakhe engozini ngeledlule ezama ukuvikela unina nemali ebebenayo – okungu-R6 300, kubika iNetwerk24.

Owesilisa wehlulekile kodwa ukunqanda izigebengu ekuthatheni yonke imali.

UTony Densem, 28, kanye nonina uJean, 58, bahlaselwe ngezithuba zango-03:00 ekuseni ngoLwesine egaraji likaphethiloli ePolokwane.

Laba bebenamahora ambalwa befike kuleli.

"Ibhasi [ebelisuka eZimbabwe] lisehlise enkabeni yedolobha iPolokwane," kusho uTony.

Uthi yena nonina bebeze kuleli bezofuna ukubhalisela ukuthola ubuzwe baseNingizimu Afrika kanti futhi uTony ubefuna namathuba omsebenzi.

Bangene etekisini bacela umshayeli ukuba ababeke endaweni abangalala kuyona - khona edolobheni - kodwa engabizi kakhulu futhi eseduzane namahhovisi oMnyango wezaseKhaya.

UJean uthi uqale ukukhathazeka itekisi isihamba isikhathi eside, kubonakala ukuthi kade iphumile edolobheni.

"Owesilisa oyedwa (kulabo ebebesemotweni) ubelokhu obeke isandla sakhe emlenzeni wami, ethi: ‘ungakhathezeki, sizofika siphephile lapho siya khona.”

Ngemuva bacele umshayeli abayise egaraji likaphethiloli eLadanna ePolokwane.

OLUNYE UDABA: Kulimale izingane zesikole engozini yetekisi eThekwini

"Ngithengele izisebenzi ezimbili zasegaraji iCoke ngoba besizizwa siphephile phambi kwazo,” kusho uTony.

Yilapho-ke uJean nendodana yakhe behlaselwe khona. Usola ukuthi bahlaselwe abantu ebebesetekisini ebebehamba ngayo.

"Angikaze ngilwe, kodwa kulokhu ngilwe ngoba ngivikela umama,” kusho uTony.

UTony uthi iZimbabwe ayinalo udlame njengaseNingizimu Afrika.

Kanti futhi uthi selokhu kuvele i-video eveza isehlakalo, baningi abantu asebemthembise umsebenzi.

Kuvulwe icala emaphoyiseni ngesehlakalo.

Buka nansi i-video ngezansi:

- Netwerk24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...