Video: Izimoto zikanokusho okubaleke ngazo izigebengu eMhlanga

2017-05-18 08:02

Durban – Sekusabalale ezinkundleni zokuxhumana i-video eveza izimoto ezimbili zikanokusho ezisetshenziswe yizigebengu ukubaleka ngemuva kwesigameko sokuphanga esenzeke esitolo somakhalekhukhwini eMhlanga ngoLwesithathu ekuseni.

Le-video isabalale ngemuva kwesikhashana isitolo sakwa-Vodacom kuZennith Drive sibanjwe inkunzi ngamadoda abehlomile ngezithuba zabo-09:30 ekuseni.

Kwi-video kuvela abesilisa bengena emotweni e-silver grey yohlobo lweMercedes Benz yabe isibaleka, kanye neyohlobo lwe-Audi emhlophe ebipake ngemva kwayo.

Kuphinde kuzwakale owesilisa omemeza i-number plate ye-Audi.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni waseGauteng ugxeka ukuhlaselwa kwabasifazane

Okhulumela amaphoyisa eKZN uCaptain Nqobile Gwala uthe abesilisa abane bangene esitolo somakhalekhwukhwini, bephethe izibhamu, babamba inkunzi ngaphambi kokuba babaleke.

Uthe akukho ukudubulana okubekhona futhi akulimalanga nesisodwa sezisebenzi.

"Izigebengu zibaleke ngezimoto ezimbili,” esho.

Kuvulwe icala lokuphanga esiteshini samaphoyisa eDurban North, ngokusho kukaGwala, waphinde wathi kodwa bekungakaboshwa muntu.

Buka i-video ngezansi:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...