VIDEO: Indoda iklinye inja yayo yayibulala eGoli

2017-06-27 12:30

Johannesburg - Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, sekwenzeke izigameko ezimbili ezishaqisayo, izinja zihlasela abantu; esokuqala senzeka eKrugersdorp, eWest Rand, kanti esinye senzeka KwaZulu-Natal.

Esigamekweni esenzeke eKrugersdorp ngoMgqibelo wangomhlaka-24 Juni, uSeverus Pietersen wayesekhaya nomndeni wakhe ngesikhathi ezwa umsindo onswininizayo uqhamuka kamakhelwane, eWest Rand, kubika iKrugersdorp News.

Wabe eseyolunguza othangweni wabona indoda iguqe ngamadolo eceleni kwenja. Ngesikhathi esebhekisisa, wabona ukuthi le ndoda iklinya inja ngocingo emqaleni.

OLUNYE UDABA:Sibi isimo kowesilisa ogxavunwe yinja ebusweni

Le ndoda kuthiwa yayilokhu iqinisa lolu cingo emqaleni wenja iphinde incikise ikhanda layo phezu kwekhanda lenja.

Ngemuva kokulandela lolu daba, umakhelwane wezwa ukuthi le nja yaluma enye yezingane egcekeni, okuyikho okwaholela ekutheni le ndoda iklinye inja.

Ingane yaphuthunyiswa esibhedlea iyolashwa. Kukholakala ukuthi yalimala kanzima isihluzu njengoba kwakudingeka ukuthi ihlinzwe.

Indoda engathandanga kudalulwe igama layo, ithe ibiyazi ukuthi le nja izobulawa kulandela isigameko.

IVIDEO:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...