VIDEO: I-SACP ithi kwakukhona ushayasibhamu kwekaHani

2017-04-12 11:01

Johannesburg - I-SACP ikholwa ukuthi kwakunoshayasibhamu enkonzweni yesikhumbuzo sikaChris Hani ngoMsombuluko, owasabisa iSekela likaNobhala Jikelele wokuqala wenhlangano, uSolly Mapaila.

"Babefuna ukuphinda abakwenza kuChris Hani, kuMapaila," kusho okhulumela i-SACP u-Alex Mashilo.

Iqembu liveze i-video kwabezindaba iNews24 ukuqinisekisa ebelikusho.

Kule video, kubonakala indoda etendeni iphethe into okholakala ukuthi yisibhamu.

Le ndoda ibonakala phakathi kwenqwaba yabantu ababezwakalisa ukungamfuni uMapaila ngesikhathi eya esiteji emathuneni iThomas Nkobi, lapho okulele khona uHani.

Le ndoda ibonakala ime budebuduze nesiteji, iphakamisa ekuphethe iphinde ikwehlise ngesikhathi uMapaila ezama ukwethula inkulumo yakhe phambili.

UMapaila akakwazanga ukuqhubeka nenkulumo njengoba kwavele kwaduma izulu.

Amaphoyisa atshele iNews24 ukuthi abengakezwa ngesigameko.

IVIDEO:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Numerous showers. Overcast. Mild. PE: 14-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...