#VanBreda: Kuyaqhubeka ukuqulwa kwecala

2017-11-27 07:59

Cape Town - Kulindeleke ukuba kuqhubeke ukuqulwa kwecala lalowo osolwa ngokuqotha umndeni esebenzisa imbazo, uHenri Van Breda namuhla (ngoMsombuluko).

IJaji leNkantolo eNkulu eWestern Cape uSiraj Desai wabamanqika ukulihlehlisa uicala ngomhlaka-14 Novemba, ethi ufuna icala liphele kule nyanga.

Ummeli uPiet Botha watshela inkantolo ukuthi ikhasimende lakhe kutholwe ukuthi sinesifo sokuwa.

OLUNYE UDABA:#VanBreda: Indida ngegazi likamama elatholakala emasokisini kamsolwa

Uqhube ngokuthi uVan Breda kwesinye isikhathi ubelokhu edlikiza.

UVan Breda uwaphikile amacala okubulala uyise uMartin, umfowabo uRudi nonina uTeresa.

Udadewabo omncane uMarli yena owauyeneminyaka engu-16 ngesikhathi sesigameko esenzeka ngoJanuwari 2015, wasinda kodwa walimala ekhanda kwathi ngemuva kwalokho wangabe esakhumbula lutho okwake kwenzeka ngaphambilini.

 - ANA


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...