#VanBreda: Indida ngegazi likamama elatholakala emasokisini kamsolwa

2017-11-06 14:01

eThekwini - UHenri van Breda osolwa ngokubulala ubazali bakhe kanye nomfowabo walimaza nodadawo, ubephekwa ngemibuzo eNkantlo eNkulu eKapa.

Ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngumshushisi woMbuso uSusan Galloway, uVan Breda uveze ukuthi waquleka cishe amahora amabili ngosuku okwahlaselwa ngalo umndeni wakubo ngembazo, kodwa lokhu akazange akuveze kudokotela obehlola isimo sakhe ngaleso sikhathi.

Ngokusho kwakhe, uthi wawa esuka esitezi ngemuva kukuthi antshinge imbazo eyayisetshenziswa ukubulala umndeni wakubo ethi ushaya ngayo umsolwa.

Uthi waquleka isikhathi esingangamahora amabili nemizuzu engu-40 ngaphambi kokuba avuke ashayele abezimo eziphuthumayo.

Konke lokhu akazange akuveze kudokotela uDkt Michelle van Zyl okunguyena owahlola isimo sakhe ngalolo suku lwesigameko eVergelegen Medi-Clinic.

OLUNYE UDABA: Wethula ubufakazi enkantolo osolwa ngokuqotha umndeni ngembazo

Ngesikhathi ebuzwa ngegazi likamama wakhe elitholakale emasokisini ayewagqokile, lo msolwa akabanga nempendulo ecacile ngalokhu.

Ngokusho kwakhe, usola sengathi leli gazi lageleza lisuka esitezi laconsela kuyena ngesikhathi esezansi.

Okuvele kwaba yindida kuMshushisi wukuthi kungani yena kanye nesigebengu lesi ababebangisana naso imbazo ngemuva kokuqothwa komndeni wakubo, bengakaze nakanye belinyathele leli gazi, kodwa laconsela emasokisini akhe kuphela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...