UZweli Mkhize uhoxe ngoba enzela 'ubunye'

2017-12-17 22:10

Johannesburg – Umgcinimafa we-ANC ophumayo uZweli Mkhize umangaze abaningi ngesikhathi ememezela ukuthi uyahoxa ekuphakanyiselweni kwesikaSekela Mengameli we-ANC.

Igama lakhe beliphakanyiswe amagatsha angu-193 ase-Eastern Cape ukuba angene ezicathulweni zikaCyril Ramaphosa, ogaqele esokwengamela uKhongolose.

"Ngithanda ukucacisa ukuthi sengikhulume namaqabane amaningi mayelana nezindlela zokuqinisa nokwakha ubumbano enhlanganweni, ngaleyo ndlela ngithanda ukuhoxa,” kusho uMkhize.

UMkhize, owake wachazwa njengobhululu kaMengameli Jacob Zuma, usephike kaningi ukuthi usondelene nalabo abagaqele esokuhola i-ANC, okunguNkosazana Dlamini-Zuma noRamaphosa.

Isifundazwe adabuka kuso, okuyiso esithumele izithunywa eziningi kule ngqungquthela, sizwakalise ukuthi sihamba noDavid Mabuza kwesikasekela mengameli.

“Ubengaphumelela kanjani engasekwanga nayisifundazwe adabuka kuso?” kubuza esinye isikhulu esiqhamuka KwaZulu-Natal.

Ukuhoxa kukaMkhize kucabela indlela uMabuza noma uLindiwe Sisulu kulesi sikhundla. USisulu kubukeka sengathi uzothola amavoti amaningi aqhamuka e-Eastern Cape, eyeseka uRamaphosa kwesikamengameli. 

Kunokuhlawumbisela ukuthi uMkhize wenze isivumelwano noRamaphosa, esizombona eba yilungu lesigungu esiphezulu se-ANC bese ejoyina uMnyango woMgcinimafa njengesekela likangqongqoshe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...