UZuma wenzela phansi isizwe ngezinguquko kwiKhabhinethi - Mapaila

2017-07-17 11:02

Johannesburg - IPhini lesibili likaNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP), uSolly Mapaila, lithi uMengameli Jacob Zuma wehlulekile ukuchazela isizwe kabanzi ngesinqumo sakhe sokwenza izinguquko kwiKhabhinethi lakhe.

UMapaila uthi uZuma waqamba amanga kwiSACP, edlelana ne-ANC, ngesikhathi exosha lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan ngoMashi.

Ekhuluma ngesikhathi kudingidwa ngodaba lwenkohlakalo eLilliesleaf Farm, uMapaila uthe kunezinyathelo zomthetho azomthathela zona uZuma.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe kumele aphendule ngezimbali nezipho zika-R10m - DA

UMapaila uthi usefake isitatimende esifungelwe esichaza ngokwenzeka ngaphambi kwezinguquko zikaZuma kwiKhabhinethi.

"Awukwazi ukuba yinhlangano yabantu kodwa ungabinalo iqiniso. Sekukaningi ngibona uMengameli eqamba amanga.

“Ngakho kudingeke ukuba ngithathe isinyathelo engicabanga ukuthi sibalulekile esizombophezela embuthweni,” kusho uMapaila.

- SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...