UZuma wayefuna ukufaka uMolefe esikhundleni sikaGordhan - Duarte

2017-12-13 19:17

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma wayefuna ukufaka uBrian Molefe esikhundleni sikaPravin Gordhan, kusho iphini likanobhala jikelele we-ANC uJessie Duarte.

UDuarte ukusho lokhu engxoxweni abenayo neSouth African Broadcasting Corporation (SABC) ngoLwesibili ebusuku, uphinde wathi kodwa umbono wakhe wachithwa ngozakwabo abakwa-top 6.

UDuarte uthe uZuma waphakamisa igama likaMolefe ezingxoxweni abanazo nezikhulu eziphezulu ze-ANC.

"Sathi cha, asiboni kuzoba wushintsho oluhle. Kwasetshenziswa amagama anzima impela.

OLUNYE UDABA: UZuma uzozikhokha ngokwakhe izindleko zenkantolo

UDuarte uthi amanye amalungu ayengahambisani nombono kaMengameli, uphinde wathi abavumelani nomengameli ngaso sonke isikhathi.

UDuarte uphinde wagxeka izikhulu ze-ANC ezigxeka umengameli esidlangalaleni, wathi lokho akukuhle.

UGordhan, kanye nephini lakhe uMcebisi Jonas, baxoshwa uMengameli ngesikhathi enza ezinye zezinguquko zakhe kwiKhabhinethi.

Kwaqubuka amahlebezi okuthi uMolefe uyena ozothatha izintambo kuGordhan ngemuva kokufungiswa njengelungu lePhalamende.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...