"UZuma wanqumela uManana ugwayi katiki"

2017-08-20 11:01

Johannesburg - IPhii likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana akasulanga esikhundleni ngokuthanda kwakhe, kodwa wayephakathi kwembokodo nesisekelo.

Ngokwemibiko evelayo, uMongameli Jacob Zuma wamnqumela ugwayi katiki ngokuthi azisulele yena emsebenzi noma axhoshwe.

Iphephandaba i-Sunday Times libika ukuthi imithombo esondelene naloludaba ithi uZuma ube nomhlangano noManana ngoLwesihlanu lapho amazise khona ngalokhu okuzokwenzeka.

OLUNYE UDABA:UMongameli uJacob Zuma wamkelwe njengoSihlalo omusha weSADC

UManana ukhethe ukuba asule esikhundleni sakhe, nokuyinto emenyezelwe ngoMgqibelo ekuseni ngesitatimende esikhishwe yihhovisi likaMongameli.

Kubikwa ukuthi loludaba lukaManana ludale izinkinga ezinkulu ku-Khongolose njengoba kukholakala ukuthi uNgqongqoshe wezaManzi uNomvula Mokonyane kanye nalowo owayenguNgqongqoshe weziMbiwa uTina Joemat-Pettersson babe nengxabano ngokuthi uManana kumele aqondiswe izigwegwe yize eselivumile icala.

Lokhu kwenzeka nje, buntekenteke ubudlelwano phakathi kwamalungu e-ANC esigungu esiphezulu kanti akukacaci kahle ukuthi ngabe uManana uzothathelwa izinyathelo zokuqondiswa izigwegwe noma cha.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...