UZuma uzobe eyisiwula uma engaxosha uGordhan - Save SA

2017-01-24 11:30

Cape Town – Nakuba iSave SA ikuqonda ukuthi kusemseni kaMengameli Jacob Zuma ukuxosha uPravin Gordhan njengoNgqongqoshe wezeziMali, kungaba wubuwula, isho kanje ngoMsombuluko.

“Akukho umuntu angakwenza uma uGordhan exoshwa njengoba lokho kuyilungelo likamengameli,” kusho ilungu lekomidi leSave SA, uLawson Naidoo, kwiFin24.

“Kodwa noma kunjalo, umuntu unethemba lokuthi (uZuma) uyakuqonda ukuthi unoNgqongoshe wezeziMali othenjwa amazwe omhlaba,” usho kanje.

“Kungaba ubuwula ukwenza izinguquko kuleli zinga njengamanje.”

OLUNYE UDABA: Kumiswe amaphoyisa omgwaqo ngenkohlakalo

“Kuzomele sikhumbule ukuthi iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa noNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan basanda kubuya kwiWorld Economic Forum, lapho bedlulise khona umyalezo womgomo weNingizimu Afrika kubatshalizamli emhlabeni.

“UMengameli kumele azi ukuthi iNingizimu Afrika idinga unmotho okhulayo ukubhekana nenselelo yokushoda kwemisebenzi kanye nokungalingani.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...