UZuma uyophumulela eDubai uma esehlile esikhundleni - Malema

2017-07-26 11:04

Durban - Izakhamuzi zaseNkandla ezicabanga ukuthi uMengameli Jacob Zuma uyohlale engumakhelwanewazo kuzomele zicabange ngenye indlela. Iqiniso ukuthi uya eDubai.

Lawa ngamazwi omholi we-EFF uJulius Malema awasho ngesikhathi ekhuluma nabafundi e-University of KwaZulu-Natal eThekwini ngoLwesibili.

I-EFF ibiqalisa umgubho wayo weminyaka emine yasungulwa, njengoba umcimbi wayo uzoba ungoMgqibelo eCurries Fountain, eThekwini.

UMalema uthe uyabazwela abantu baseNkandla abacabanga ukuthi banomakhelwane onguZuma.

OLUNYE UDABA: Basinde ngokulambis aimoto ishayiswa yisitimela eKZN

“Leya ndoda ayiseyena umakhelwane wabo ngoba isiyohlala eDubai futhi imali yenu izoyichithela khona eDubai. Ngo-2019 nizobe nisele nathi, bonke bazobe beseDubai‚” kusho uMalema.

UMalema uphinde wasola umndeni wakwaGupta ngokuthi wenze imali engaphezu kuka-R50-billion kuleli‚ futhi bazohamba nayo baye edolobheni lase-United Arab Emirates.

Ube esenxenxa izakhamuzi ukuba ziphume ngobuningi bazo ngoMgqibelo zibe yingxenye yomgubho wayo wokuzalwa.

- Sowetan Live

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...