UZuma uyisigebengu, kusho abantu kuTwitter ngemuva kwesimemezelo

2017-12-16 16:03

Durban - Sigcine siphumile isinqumo izitshudeni ebezisilwela kule minyaka emithathu eyedlule ngesikhathi kunemibhikisho ethe chithi saka kuleli ye-Fees Must Fall.

UMengameli Jacob Zuma ugcine ememezelile ukuthi abafundi abaqhamuka emakhaya ahlwempu bazothola imfundo yamahhala. Kula bafundi kubalwa abaphuma emakhaya adla imbuya ngothi kanye nalabo abaphuma emakhaya angenisa imali engu-R350 000 ngonyaka, kusho umbiko weNews24.

Lesi simemezelo siza njengoba kuqhubeka inkomfa ye-ANC yokuqokwa kobuholi, ezophetha ngokuthi uKhongolose ube nomengameli omusha.

Kulandela imibhikisho kanye nemikhankaso ebiqhubeka ezinkundlani zokuxhumana ye-#FeesMustFall, abaningi bebezocabanga ukuthi lesi sinqumo sizokwamukelwa ngezandla ezimhlophe.

Kepha abanye abantu kuTwitter bathe umengameli ufihle induku emqubeni ngalesi simemezelo sakhe.

Bheka nakhu ukuphawula ngezansi:

- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...