UZuma uyinkinga kwi-ANC, kumadlela ndawonye nasezweni - Nzimande

2017-10-24 09:30

Johannesburg – Ublade NZimande owaxoshwa kwesokuba nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uthi uMengameli Jacob Zuma uzobe engaseyona inkinga ngemuva kwengqungquthela ye-African National Congress (ANC) yokukhetha ubuholi bukazwelonke ngoDisemba.

UNzimande uxoshwe ngeledlule ngesikhathi uZuma enza izinguquko zakamuva kwiKhabhinethi.

I-South African Communist Party (SACP) sekunesikhathi icela i-ANC ukuba ixoshe uZuma, igxeka nohulumeni ngokwehluleka ukubhekana nomthelela wabakwaGupta ezindabeni zoMbuso.

UNzimande uthi uZuma yinkinga enkulu.

OLUNYE UDABA: Uthisha ufunze umfundi i-pad kufundwa

“Kumele ahambe ngoba nguyena inkinga enkulu kwi-African National Congress, kumadlelandawonye, nasezweni. Yingakho sithi akehle esikhundleni njengoMengameli wezwe.”

UNzimande uthi i-SACP icele amalungu ayo asasezikhundleni kuhulemeni ukuba angazishiyi izikhundla zawo.

UNzimande konke lokhu ukusho ngoMsombuluko ebusuku kwi-Radio 702.

UNzimande uthe akamangalanga exoshwa nguZuma ngoba izimpawu bezilokhu zikhona. 

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...