UZuma uyindoda emadodeni, kusho okhulumela uMkhonto wesizwe

2018-04-06 09:36

Durban - Lowo owayengumengameli eNingizimu Afrika uJacob Zuma uyindoda emadodeni, kusho okhulumela uMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA), uCarl Niehaus ngoLwesihlanu.

"Ngokwami uyindoda emadodeni. N Noma yikuphi ukucindezeleka abhekene nakho, awuboni ukutyhi kunenkinga," kusho uNiehaus etshela abezindaba i-ANA ngaphandle kwaseNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho okulindeleke khona ukuba uZuma avele ngamacala enkahlakalo.

OLUNYE UDABA:UCele wexwayise ngokweseka uZuma enkantolo

UZuma uzobe ephendula ngamacala angu-16 enkohlakalo nathinta isivumelwano sango -1990 sezigidigidi zamarandi sokuthengwa kwezikhali (arms deal).

UNiehaus utshele abezindaba ngomlando wakhe noZuma nangendlela abhekana ngayo nengcindezi.

Uthe uzobe eseka uZuma enkantolo futhi useneminyaka engu-27 azana noZuma.



 - African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...