UZuma uthe uMaimane unhlanhlatha esithubeni nje

2016-07-28 20:32

Lethlabile – UMengameli Jacob Zuma uthe iDemocratic Alliance iyiqembu elididekile ngoba ayizazi ukuthi imbalamuni, wafanisa umholi wayo uMmusi Maimane nophaphe olulahlekile olundiza emoyeni.

UZuma ubekhuluma ngesikhathi egaya ivoti eLetlhabile Stadium, eNorth West, kulandela ukuhambe engena umuzi nomuzi ekhankasa.

OLUNYE UDABA: I-DA ayihlukane nokweshela ngegama le-ANC

Uphinde wathi i-DA izama ukuntshontshela i-ANC uNelson Mandela imenze owayo.

Umengameli uthe uMandela akayena owamaqembu abacindezeli, wathi i-DA iyinzalo bayacindezeli – ebhekise kuNational Party.

Uphinde wasola uMaimane ngokungawazi umlando wezwe.

Uthe uyafana nje nabanye abantu abamnyama ababencetheza, bethuthela abelungu izindaba ngesikhathi sobandlululo.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...