UZuma uthe i-ANC izohlulwa okhethweni uma ehla esikhundleni - Malema

2018-02-05 16:02

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma utshele abaholi be-African National Congress (ANC) ukuthi inhlangano ebusayo ngeke ilunqobe ukhetho lwango-2019 uma ehla esikhundleni, kusho umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema.

“Sayixwayisa i-ANC ngoZuma. Basibiza ngezixhwanguxhwangu, izinto ezingacabangi…izolo ubakhombise,” kusho uMalema etshela izintatheli eGoli ngoMsombuluko.

“Yilokhu uZuma akutshele ozakwabo…uthe bangamxosha uma befuna…kodwa ngeke balunqobe ukhetho. Bazohlulwa KwaZulu-Natal naseGauteng... 'AmaZulu KwaZulu-Natal naseGauteng azodinwa…angiyi ndawo'.”

Imizamo yeqembu elibusayo yokukhipha esikhundleni uZuma ayiphumelelanga ngeSonto ebusuku emhlanganweni obubanjelwe emzini kaMengameli ePitoli.

OLUNYE UDABA: UZuma ushaye phansi ngonyawo etshelwa ukuthi akehle esikhundleni - Malema

ITop 6 ibiyalelwe yiNational Working Committee ukuba itshele uZuma ehle esikhundleni, ngaphambi kwe-SONA ngoLwesine.

UZuma utshele ubuholi obusha ukuthi umsebenzi wakhe uwenze ngendlela efanele njengomengameli wezwe, kusho uMalema.

UMalema uphinde wathi ngeke uZuma akhulume noLwesine, kunalokho kuzodingidwa ngesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe.

“Sifuna ukuthatha izinyathelo zomthetho ukuvimbela uZuma ukuba ethule iNkulumo yeSizwe (SONA). Sizotshela inkantolo ukuthi nenhlangano yakhe ayisamfuni, ithi akaphume esikhundleni, kungani-ke kumele simvumele akhulume?” esho.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...