‘UZuma usefana noMugabe waseNingizimu Afrika’

2018-02-12 07:20

Pretoria – Iqeqebane elihlanganiswe ngamalungu e-ANC nawe-SACP lifunge ngokungenela imashi ebheke ezindlini zoMbuso ePitoli uma uMengameli Jacob Zuma engaketulwa.

Lokhu bakusho izolo bethi uZuma kumele kuphele usuku lwangeSonto esehlile esikhundleni.

Esithangamini sabezindaba ngeSonto, uHangwi Maumela, othi uyilungu legatsha le-ANC eSandton, uthe bonke abantu bakuleli kumele babeke phansi amathuluzi ngoMsombuluko kuze kube uZuma uyaphuma esikhundleni sokuba ngumengameli wezwe.

"Sifuna wonke umuntu, ngoMsombuluko, angalubhadi emsebenzini kuze kube uZuma uyashenxa esikhundleni,” kusho uMaumela.

"Kusasa (namhlanje) kuzo zonke izifundazwe ezingu-9 ningayi emsebenzini. Akukhathaleki uyiphoyisa, unesi, udokotela, unogada, usebenza engadini…ungayi emsebenzini. Le nto isithinta sonke.”

Uthe ngeke basuke e-Union Buildings kuze kube uZuma ubeka phansi izintambo.

"Siya e-Union Buildings kusasa (namhlanje) futhi asisabi ngalokho, sikulungele konke.”

"Le ndoda isifana noMugabe waseNingizimu Afrika. Abanye bethu bayilwela kanzima le nkululeko. Ngiyacabanga ukuthi uNelson Mandela lapho ekhona umthukuthelele uZuma, i-NEC kanye ne-ANC ngokungalisebenzisi igunya abanalo.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...