UZuma unxuse ubuholi obusha be-ANCYL eKZN ukuba bube ‘yisibonelo'

2017-02-27 09:31

Durban – UMengameli Jacob Zuma ufike kungazelele muntu engqungqutheleni yophiko lwentsha lwe-ANC, i-ANCYL, KwaZulu-Natal (KZN), ngoMgqibelo.

Le ngqungquthela, edonse izinsuku ezintathu, ibibanjelwe e-Olive Convention Centre, kanti iye yaphothulwa ngeSonto ngaphansi kobuholi obusha.

UZuma utshele izethameli ebezihambele le ngqugquthela ukuthi njengoba bekungeyentsha ulindele ukuthi intsha kube iyona ehamba phambili.

Ube esenxusa ubuholi obusha obukhethiwe ukuba buhlonipheke futhi buhole ngendlela eyisibonelo.

OLUNYE UDABA: Isabelo sezimali bekuyimbudane yodwa - ANCYL

Lolu phiko lwentsha luphinde lwabhunga nangezinhlelo zalo nyaka, nalapho luye lwagxila khona emalungiselelweni engqungquthela yokukhetha ubuholi bukaKhongolose kuzwelonke nokulindeleke ukuba ibanjwe ngasekupheleni kwalo nyaka.

NgoLwesihlanu kukhethwe ubuholi obuphezulu be-ANCYL kulesi sifundazwe nokuthe ngoMgqibelo kwabuye kwakhethwa obunye ubuholi obuphezulu be-PEC.

Lawa ngamanye amalungu engeziwe obuholi be-ANCYL eKZN:

Nombuso Mabaso F, Mandla Shange M, Vuyiswa Caluza F, Nwabisa Dano F, Sduduzo Mdluli M, Kholeka Hadebe F, Nkosenhle Mgadi M

Ayanda Nomandela M, Ziphezinhle Mchunu F, Sindy OkaMpongo Ndlovu F, Melisizwe Zondo M, Amanda Bani F, Futhi Maluleka F 

Thokozane Stix Nene M, Sthembile Jeza F, Skhumbuzo Mabaso M,Nomnotho Lembede F, Mondli Ncane M, Khona Mthabela F,kanye noKhosi Nomkhosi Khuzwayo F.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...