UZuma unikezwe usuku lwanamhlanje ukuba asule esikhundleni - Imithombo

2018-02-13 14:00

Pretoria - I-ANC isinikeze uMengameli Jacob Zuma umnqamulajuqu wokuthi esule njengomengameli wezwe lungakapheli usuku lwangoLwesibili (namhlanje) kungenjalo uzobhekana nokuthi aketulwe yiPhalamende.

UNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule nguye ohambise incwadi eyazisa uZuma ngokuketulwa kwakhe emzini wakhe osePitoli ngemuva komhlangano we-NEC okuyiyo ephume nesinqumo sokuthi lo mholi kumele ashenxe.

INews24 ipotshozelwe yimithombo yayo engaphakathi ukuthi amalungu awasenazwelo njengoba engafuni ukugudluka esikhundleni.

"Kubi kuZuma manje. Konke akushoyo usekwenziswa yinhliziyo ebuhlungu. Uthukuthele," kusho umthombo ongaphakathi owaziyo ngokuqhubekayo mayelana nekusasa likaZuma.

OLUNYE UDABA: Amaqembu aphikisayo asola i-ANC 'ngomonakalo' njengoba uZuma enqaba ukwesula

UZuma unqabile ukwehla esikhundleni ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo phakathi kwakhe noCyril Ramaphosa kanye nezinye izikhulu ngoMsombuluko ebusuku.

URamaphosa ubejutshwe yinhlangano ukuba azise uZuma ngesinqumo sokuketulwa kwakhe.

Lo mhlangano uze ngemuva kokuthi uRamaphosa ehlulekile ukuncenga uZuma ukuba azisulele ngokwakhe esikhundleni. URamaphosa utshele i-NEC ukuthi uZuma unxenxe ukuba anikezwe izinyanga ezintathu zokufaka isexwayiso sokunikezela ngamandla kwisekela lakhe.

Lesi siphakamiso sikhahleliwe yi-NEC.

"Ube esenikezwa ithuba lokugcina lokuba ehle esikhundleni, kepha nalapho wenqaba," kusho umthombo.

UZuma utshele uRamaphosa ukuthi uzophendula esidlangalaleni uma i-ANC ikhetha ukumketula ngokumbhalela incwadi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...