UZuma unelungelo lokuxosha uRamaphosa - Van Rooyen

2017-10-21 10:46

Kimberley – Umgcinimafa woMkhonto We Sizwe Military Veterans nophinde abekwiKhabhinethi, uDes Van Rooyen, uthe uMengameli Jacob Zuma unalo ilungelo lokususa esikhundleni iPhini lakhe uCyril Ramaphosa, noma yena uqobo, njengokusho koMthethosisekelo.

Yilokhu uVan Rooyen akutshele iNews24 eKimberley ngoLwesihlanu, ohambeni lwakhe lomasipala amangasebenzi kahle.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo eMzimkhulu

"Siqokwe nguyena [uZuma], ngakho nakanjani noma sisuswa, sisuswa ngokwentando yakhe,” esho.

UVan Rooyen, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu, akafunanga kodwa ukukhuluma ngamahlebezi akhona ngokuxoshwa kukaBlade Nzimande kuleli sonto.

Uthe uMenganeli uyena muntu ongachaza kahle ngezinqumo azithathayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...