UZuma umemezele imfundo yamahhala kwabahlwempu

2017-12-16 13:37

Johannesburg - UMengameli uJacob Zuma umemezele ukuthi bazofunda mahhala abadla imbuya ngothi kanye nalabo ababuya emakhaya angamile kahle, ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Lokhu ukusho ngesitatimende asikhiphe ngoMgqibelo ekuseni kanti lokhu kwenzelwe abafundi ababhalise emakolishi eTVET kanye nabafundi basemanyuvesi abangabakuleli.

Laphakubalwa labo abasemindenini ethola imiholo efika ku-R350 000 kusukela ngo-2018.

OLUNYE UDABA:Sebehlinzekwe ngogesi abaseMizamo Yethu

UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uzoyibuyekeza imali ngokubambisana noNgqongqoshe wezeziMali.

"Njengoba kubuyekezwe izigaba zalabo abantulayo nabangamile kahle, uhulumeni uzongenisa uhlelo lwemfundo ephakeme yamahhala kusukela ngonyaka ka-2018 kuwo wonke amanyuvesi kahulumeni," kusho uZuma.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...