‘UZuma uhlela ukubulala labo angavumelani nabo’ – EFF

2017-02-09 07:03

Cape Town – UMengameli wezwe, uJacob Zuma, usethole okukhulu ukugxekwa ngemuva kokuthi egunyaze ukutshalwa kwamasosha angu-441 azosiza amaphoyisa ukugcina “umthetho” uma ethula inkulumo yakhe ayibhekise ezweni, iState of the Nation Address (SONA) ngoLwesine.

Lesi sinyathelo sikaMengameli kubukeka sengathi esehlanga neze kahle kwabamaqembu aphikisayo kanye nezinhlangano ezahlukene zomphakathi.

OLUNYE UDABA: 'Abantu kumele bayeke ukuzonda uMengameli Zuma'

“Siyasigxeka lesi senzo njengokuphakwa kwamasosha kubantu baseNingizimu Afrika. Kumele kubukeke njengokuphakwa kwempi kwizakhamuzi, okusho ukuthi uZuma uhlela ukubulala labo aphikisana naye kuSONA,” kusho okhulumela i-EFF, uMbuyiseni Ndlozi.

UNgqongqoshe wezokuPhepha eWestern Cape, uDan Plato, uchaze lokhu kutshwalwa kwamasosha angaka njengenhlamba kwizakhamizi zakulesi sifundazwe ezihaqwe ubugebengu bezigelekeqe nezihlale zithuka izanya nsuku zonke ngenxa yokwesaba.

Kusenjalo inyunyana yamavikelambuso i-SA National Defence Union (Sandu) ithe ukutshalwa kwamasosha ephalamende akuhambisani noMthethosisekelo.

Ngokusho kukaJeff Dubazana okhulumela le nyunyana, kunenqubo okumele ilandelwe kodwa ayizange ilandelwe.

“Kumele ngabe kukhishwe uphawu olubiza amasosha ngokusemthethweni, lolu phawu luyincwajana enikezwa amasosha uma ebizelwe endaweni ethile. Amasosha awazange ayithole le ncwadi, kodwa atshelwa ngomlolo kuphela,”kusho uDubazana.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Useyilaxazile i-ANC uMakhosi Khoza

Emizuzwini eyi-5 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...