UZuma ugxeke i-EFF ngokwenza sengathi iPhalamende 'kusematshwaleni'

2017-02-16 19:34

Cape Town - UMengameli Jacob Zuma usegxeke amaLungu ePhalamende aphazamisa ukwethulwa kwenkulumo yesizwe i-State of the Nation Address(Sona) ngesonto eledlule.

Lokhu kuza ngemuva kokukhishwa ngendluzula kwamalungu e-Economic Freedom Fighter (EFF) ePhalamende, ekhishwa ngonogada bodumo lwamahembe amhlophe ePhalamende.

Ngesikhathi kudulwana, amaLungu ePhalamende e-EFF ayebonakala "elahla" isibhakela esebenzisa nomakalabha ukuzilwela ngalolu suku. Kwalimala amalungu e-EFF nonogada ngemuva kokududulana.

OLUNYE UDABA: 'IPhalamende lizophazanyiswa abafana be-EFF begqoke amaphenti'

Umholi we-EFF, uJulius Malema kuleli sonto ekhuluma nezintatheli uveze izinsolo zokuthi onogada babefuna nokubajova ngomjovo "onobuthi".

Iqembu eliphikisayo i-Democratic Alliance (DA), nalo laphuma ePhalamende ngaphambi kokuba uMengameli Zuma aqhubeke nenkulumo yakhe kulandela ukuphazanyiswa.

UZuma ukugxekile lokhu kuziphatha wathi, "kwakushaqisa futhi kunganambithisiseki".

UMengameli ube esecela wonke amaLungu ePhalamende ukuba alihloniphe iPhalamende, eqhuba ngokuthi amanye amalungu enza sengathi iPhalamende yindawo nje ongayifanisa "nekuphuzelwa kuyo utshwala".

"Angibonge izakhamuzi zakuleli ngokulalela inkulumo yesizwe, nakuba kwakunezihibe ezithusayo futhi ezinganambithisiseki ezaziqhubeka ngaphakathi ngoLwesine olwedlule ngenxa yabathile."

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...