UZuma ubenomhlangano nalowo ozobamba izintambo zoMbuso eZimbabwe

2017-11-22 18:00

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma ubambe izingxoxo nalowo okulindeleke afungiswe njengebamba likaMengameli waseZimbabwe.

U-Emmerson Mnangagwa wamukele isimemo sikaMengameli Zuma sokuba adlule ePitoli ngaphambi kokuba abuyele eHarare.

UMnangagwa wabalekela eNingizimu Afrika ngemuva kokuxoshwa esikhundleni sokuba yiphini likamengameli emasontweni amabili edlule.

OLUNYE UDABA: Ubanjiwe obehlukumeza umphakathi waseMandawe

Ihhovisi likaMengameli lithe bobabili laba baholi bancome uMugabe, kulandela ukwesula esikhundleni ngoLwesibili, ngemuva kweminyaka engu-37 eqhoqhobele izintambo zoMbuso.

Baphinde bamtusa kakhulu ngeqhaza lakhe emzabalazweni wamazwe aseNingizimu ye-Afrika.

UZuma bekulindeleke alibhekise eZimbabwe ngoLwesithathu kodwa waluhoxisa uhambo lwakhe ngemuva kokwesula kukaMugabe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ushonile owesilisa oshayiswe yimoto ePMB

Emizuzwini eyi-47 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-26°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 13-24°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...