UZuma ozohambela indawo eyashiswa umlilo

2017-06-15 11:00

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma ngoLwesine uzohambela eGarden Route lapho kwahlasela khona imililo yequbula.

EKnynsa nje kuphela, bayisikhombisa abantu abashona, kanti zingaphezu kuka-400 izakhiwo ezacekeleka phansi.

Namanye amadolobhana afana neBuffels Bay, George nasePlettenberg Bay akhahlanyezwa yimilolo eyayibhebhethekiswa kakhulu imimoya enamandla.

OLUNYE UDABA: UMvikeli woMphakathi uzokwenza uphenyo ngama-email 'akwaGupta'

Okhulumela iHhovisi likaMengameli uBongani Ngqulunga uthi uMengameli ujube ithimba elizosiza ezindaweni ezikhahlamezekile ngeledlule. UNgqulunga uthi uZuma uzophelezelwa ngoNgqongqoshe abehlukene kanye namaphini abo.

ONgqongqoshe bezifundazwe kanye nowezokuBusa ngokuBambisana uDes van Rooyen bazohambela kule ndawo ngoLwesine.

- SABC

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...