UZuma noMengameli wase-Angola bazolibhekisa eZimbabwe

2017-11-21 19:36

Johannesburg - ISouthern African Development Community (SADC) isithathe isinqumo sokuba uMengameli Jacob Zuma noMengameli wase-Angola uJoao Lourenco baye eZimbabwe ukuyohlangana nababambiqhaza baphinde bahlole nesimo.

Lokhu kungemuva komhlangano wangoLwesibili lapho kudingidwe khona ngezinkinga zaseZimbabwe.

Lo hlangano ubuthanyelwe nanguMengameli waseZambia u-Edgar Lungu kanye noNgqongqoshe wezobudlelwane namazwe omhlaba eTanzania, u-Augustine Mahiga.

OLUNYE UDABA'UMugabe kumele alalele abantu, ehle esikhundleni'

"ISummit of Organ Troika Plus SADC Chair ikhathazekile ngesimo sezombusazwe esiqhubekayo eZimbabwe,” ngokusho kwesitatimende esithunyelwe abezindaba.

UZuma ungusihlalo we-SADC okwamanje, kanti uLourenco ungusihlalo we-SADC Organ on Politics, Defence and Security.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...