UZuma ngeke aphumelele kowokufungiswa kukaMengameli waseKenya

2017-11-27 18:00

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma ngeke awuthamele umcimbi wokugcotshwa kukaMengameli waseKenya u-Uhuru Kenyatta.

Esitatimendeni esifushane esikhishwe yiHhovisi likaMengameli ngoMsombuluko, kudalulwe ukuthi uNgqongqoshe wezobuDlelwane namazwe oMhlaba, uMaite Nkoana-Mashabane, nguyena ozomela uMengameli kulo mcimbi.

Esitatimendeni akuzange kudalulwe nokho izizathu zokuba kungani uMengameli Zuma engeke aphumelele kulo mcimbi wokugcotshwa kukaKenyatta.

OLUNYE UDABA: Kulimale nobekhulelwe engozini yamatekisi eyenzeke e-PMB

Umcimbi kulindeleke ubanjelwe eKasarani National Stadium, eNairobi, eKenya ngoLwesibili.

Ukugcotshwa kwakhe kulandela isinqumo seNkantolo eNkulu yaseKenya ngoMsombuluko odlule, lapho igunyaze khona imiphumela yokhetho.

Kwaqubuka imibhikisho eyadlula nemiphefumulo yabantu ababili ngemuva kwesinqumo senkantolo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...