UZuma kumele enze okufanele - Gigaba

2018-02-14 11:01

Johannebsurg - UNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba uthe uMengameli Jacob Zuma kufanele esule esikhundleni kungenjalo uzoketulwa ngevoti ePhalamende.

UGigaba utshele abezindaba i-CNN ngoLwesibili ebusuku ukuthi uZuma kumele enze okufanelekile. UGigaba ukhuluma kanje, kulindeleke ukuthi uZuma ehle esikhundleni njengoba i-ANC imnikeze incwadi emazisa ngokuthi kumele ashenxe esikhundleni.

Lokhu kulandela ukuthi isigungu esiphezulu okuyiso esithatha izinqumo, sithathe isinqumo sokuketula uZuma.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke ukuba amalungu ePhalamende e-ANC adingide ngolukaZuma

UGigaba uthe inhlangano izophoqeleka ukuba ikhiphe uZuma ilandela inqubo yePhalamende uma eqhubeka nokuphikisana nenhlangano.

Ikhokhasi ye-ANC izohlangana ePhalamende lapho ezodingida khona ngesinqumo ngoLwesithathu.

UZuma kulindeleke ukuba adlulise inkulumo namuhla (ngoLwesithathu).


 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...