UZulu uthi ushaya ngovikizitha onzima kakhulu ukuvikela impilo yakhe

2017-11-28 16:01

eMzimkhulu - UThabiso Zulu ukholelwa wukuthi ngabe usefile ukube ubengawusebenzisi umuthi wokuzivikela.

UZulu, ovame ukugxeka inkohlakalo eyenzeka koMasipala baKwaZulu-Natal, uthi akuyona imfihlo ukuthi usebenzisa umuthi ukuze azivikele.

Lo mlisa owayengumngani kaSindiso Magaqa owashona ngemuva kokuhlaselwa ngentululwane yezinhlamvu, uveze lokhu ngesikhathi ebhala enkundleni yezokuxhumana uFacebook lapho umndeni wakhe ubukhulekela ukuba avikeleke.

"Akekho ozongithinta ngoba ngiyakholelwa ekusebenziseni umuthi nokuthi kumele usetshenziswe ngendlela efanele," kusho yena etshela abeDaily Sun.

“Ngiyilandela kahle yonke imigomo yomuthi engiwusebenzisayo kanti futhi usungivikele kakhulu," kuqhubeka yena.

OLUNYE UDABA:Usebenzisa umuthi ukulala nabo bonke abesifazane esigodini sangakubo

UZulu wethula ubufakazi bakhe kwikhomishini kaMoerane kanye nasenkonzweni yesikhumbuzo sikaMagaqa ebabula izigameko lapho oshayasibhamu babeke bamzama futhi wanukwa nangecala lokudlwengula.

"Kwathi ngelinye ilanga ngihlele ukuya emshadweni ngathola ucingo olungixwayisa ukuba ngingayi ngoba ngizohlaselwa, nangempela ngahlala-ke ngangaya," kusho yena.

USazi Mhlongo wenhlanganyo iSouth African Traditional Healers Association uqinisekisile ukuthi ukhona umuthi wokuvikela abantu ezitheni zabo.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...