Uzulelwa amanqe uthishanhloko wesikole saseNkandla

2017-03-15 19:30

Durban -  Uthishanhloko waseMnyakanya High School usenqume ukungalubhadi esikoleni njengoba ezingelwa ngamadoda angaziwa okuthiwa afuna ukumbulala.

Kubikwa ukuthi lo thishanhloko, uWilliam Vilakazi, kudala esongelwa ngabantu abathile (amagama agodliwe njengoba kuseyizinsolo) abathi abamfuni kulesi sikole.

Othisha bakulesi sikole bathi akuyona imfihlo ukuthi kunothisha abathile abangafunwa kulesi sikole ngenxa yokuthi beseka lo thishanhloko.

Ngokusho komunye wothisha ocele ukuba igama lakhe ligodlwe ngoba naye usabela impilo yakhe, uthi naye useke wabanjwa abafundi ngamawashingi bamtshela ukuthi agawule abheke.

“Ngesikhathi kusanda kuqubuka udlame lwabafundi, nami ngazithola sengigxavunwa ngamawashingi kwenziwa abafundi ababesabisa nangokungibulala.

"Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kwenzeke lokho unogada owayesebenza ebusuku wakhuza umhlola ezithela phezu kwamadoda amathathu ehlomile elibangise egumbini likathishanhloko njengoba bekwaziwa ukuthi ubehlala phakathi esikoleni.

"Selokhu kwenzeka lokho, uthishanhloko usenqume ukungalubhadi esikoleni kuze kube wukuthi uMnyango wezeMfundo uyangenelela," kuchaza lo thisha.

OLUNYE UDABA:Umama usola isikole ngokudembesela kulandela ukulimala kwengane

Phezu kwakho konke lokhu, abazali sebenqume ukuba bazikhiphe izingane zabo kulesi sikole ngoba besabela impilo yazo.

NgoMsombuluko kuthiwa inqwaba yabazali yafika namaphoyisa bezokhipha izingane zabo esikoleni bacela nezincwadi zokuziyisa kwesinye isikole.

Izingane eziningi sezikhishiwe kanti namanje abazali basaqhubeka nokulanda izingane zabo bekhala ngodlame oluqhubekayo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uKwazi Mthethwa uthe uMnyango miningi imibiko abayitholayo ngodlame olubhekiswe kothisha ezikoleni kanti lokhu kwenziwa ngabantu abangahlangene nenqubo yokufunda.

"Sizwile ngalolu daba futhi kuthunyelwe ithimba elibhekelele ezokuphepha kanye nokusebenza kwezikole okuyilona elizohlola isimo esikoleni futhi lenze uphenyo mayelana nomsuka wokuhlukunyezwa kothisha kulesi sikole.

"Ngemuva kophenyo kuzolandelwa inqubo efanelekile yokuqondiswa kwezigwegwe ukuze kujeziswe labo abatholakala benecala," kusho uMthethwa.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Sprinkles late. Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...