‘Uzozisola’, unkosikazi uthumele umyeni i-SMS ngaphambi kokutholakala kwezidumbu

2017-07-12 14:00

Johannesburg – Ngemuva kosuku owesifazane waseMalahleni (eWitbank) exwayise umyeni wakhe ngomqhafazo ngemuva kwengxabano wathi “uzozisola”, utholakale eshonile nezingane zakhe ezintathu.

Amaphoyisa atshele iNetwerk24 ukuthi uMandla Mhlanga, 40, uthole umqhafazo ovela kunkosikazi wakhe uPearl, 32, ngempelasonto, lapho ebemxwayisa khona ngokuthi uzozisola ngokungaluphenduli ucingo uma emfonela.

Umsizi wasendlini walezi zithandani nguye othole izidumbu zezingane ezintathu kanye nesikaPearl endaweni yomntakabani eSkiatos, ngoMsombuluko ekuseni.

Ukushona kwalo mndeni sekushiye izakhamuzi zakuleya ndawo zishaqekile futhi zinemibuzo eminingi engaphenduleki.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu zinamanxeba okudutshulwa

Amaphoyisa asola ukuthi uPearl uphuzise uQuain onezinyanga ezingu-7 ezelwe, uQuirino, 5, noQuanisha, 8, amaphilisi ngaphambi kokuthi naye azibulale.

UPearl ubengumhlengikazi osafunda eMalahleni Private Hospital.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uCaptain Eddie Hall, uMandla waduba wahamba emzini wakhe ngoMgqibelo ngemuva kokuxabana nonkosikazi wakhe.

UPearl kuthiwa wazama kaningi ukushayela umyeni wakhe ucingo kepha engalubambi, wabe esethumela umyalezo.

Owamaphoyisa uWarrant Officer David Ratau uyiqinisekisile indaba yalo mqhafazo.

“Bonke abashonile batholwe egunjini lokulala. Umama ubelele phansi izingane zona zisembhedeni,” kusho uRatau. Uthi kutholakale amaphilisi endlini.

Kuthiwa umsizi wakulo muzi ushayele udadewabo kaPearl ngesikhathi efika kukhiyiwe eze emsebenzini ngoMsombuluko. Udadewabo kamufi ube eseshayela amaphoyisa, weza ezowavulela ngokhiye wakhe.

UMandla akakwazanga ukuphawula ngenxa yokushaqeka.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...