Uzowubona ngezithombe umngcwabo wengane yakhe umama oboshiwe

2017-06-22 09:31

Cape Town – Owesifazane okhulelwe waseKapa uzowubona kwi-video umngcwabo wengane yakhe kulandela ukuhlehliswa kwesala athweswe lona yena nesoka lakhe eNkantolo yeMantshi eKapa ngoLwesithathu.

U-Abigail Ruiters uvele wakhala ngesikhathi esebuyiselwa esitokisini kulandela ukuvela kwakhe enkantolo no-Ameeruddien Peters.

Lezi zithandani zisolwa ngokubulala usana olunezinyanga ezingu-18 ubudala, uJeremiah Ruiters, okuyingane encane ka-Abigail.

OLUNYE UDABA: Ingane ishonile ngemuva kokuminza e-swimming pool

Usana kwaqinisekiswewa esikhungweni sezempilo eKensington ngoMsombuluko odlule ukuthi alusekho emhlabeni.

Ngokusho kwamaphoyisa, lwalulimele kabi ekhanda nasemzimbeni.

Umama wengane ubhekene namacala ngaphansi kweChildren’s Act. Kanti uPeters yena ubhekene necala lokudlwengula, okuvele ngoLwesithathu ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...